2 Samuweli

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24

0:00
0:00

-Reset+

Isahluko 13

1 Kwathi emva kwalokho u-Abisalomu indodana kaDavide wayenodadewabo obukekayo ogama lakhe linguTamari; u-Amnoni indodana kaDavide wamthanda.
2 U-Amnoni wajilajileka waze wagula ngenxa kadadewabo uTamari, ngokuba wayeyintombi; kwakungenakwenzeka emehlweni ka-Amnoni ukwenza lutho kuye.
3 Kepha u-Amnoni wayenomngane ogama lakhe linguJonadaba indodana kaShimeya umfowabo kaDavide; uJonadaba wayengumuntu onobuqili kakhulu.
4 Wathi kuye: “Uzacelani kanjalo wena ndodana yenkosi imihla ngemihla na? Ungengitshele na?” Wathi u-Amnoni kuye: “Ngithanda uTamari udadewabo ka-Abisalomu umfowethu.”
5 Wayesethi uJonadaba kuye: “Lala embhedeni wakho, uzishaye ogulayo; lapho eseza uyihlo ukukubona, uthi kuye: ‘Ake kuze uTamari udadewethu, angiphe ukudla, akulungise ukudla emehlweni ami ukuba ngikubone, ngikudle esandleni sakhe.’ ”
6 Wayeselala phansi u-Amnoni, wazishaya ogulayo; isifikile inkosi ukumbona, u-Amnoni wathi enkosini: “Ake kuze uTamari udadewethu, enze amaqebelengwane amabili phambi kwami ukuba ngidle esandleni sakhe.”
7 UDavide wayesethumela endlini kaTamari ngokuthi: “Hamba manje, uye endlini ka-Amnoni umnewenu, umlungisele ukudla.”
8 Wayesehamba uTamari, waya endlini ka-Amnoni umnewabo; wayelele phansi. Wathatha inhlama, wayixova, wenza amaqebelengwane phambi kwakhe, wapheka amaqebelengwane.
9 Wayesethatha ikhanzi, wawathulula phambi kwakhe; kepha wala ukudla. U-Amnoni wathi: “Khipha bonke abantu kimi.” Baphuma bonke kuye.
10 Wayesethi u-Amnoni kuTamari: “Letha ukudla ekamelweni lami ukuba ngidle esandleni sakho.” UTamari wawathatha amaqebelengwane awenzileyo, wawangenisa ekamelweni ku-Amnoni umnewabo.
11 Lapho ewasondeza kuye ukuba awadle, wambamba, wathi kuye: “Woza ulale nami, dadewethu.”
12 Yena wathi kuye: “Qha, mnewethu, ungangiphoqi, ngokuba akufanele ukuba kwenziwe kanjalo kwa-Israyeli; ungenzi lobu buwula.
13 Mina-ke ngingayaphi nehlazo lami na? Nawe uyakuba njengomunye weziwula zakwa-Israyeli. Ngalokho ake ukhulume nenkosi, ngokuba ayiyikunginqabela nawe.”
14 Akavumanga nokho ukulalela izwi lakhe, kepha ngokuba wayenamandla kunaye, wamphoqa, walala naye.
15 U-Amnoni wayesemzonda ngenzondo enkulu kakhulu, ngokuba inzondo amzonda ngayo yaba nkulu kunothando akade emthanda ngalo. U-Amnoni wathi kuye: “Vuka uhambe.”
16 Yena wayesethi kuye: “Lobu bubi bokungixosha bukhulu kunalokho okunye okwenze kimi.” Kepha akavumanga ukumlalela.
17 Wayesebiza inceku yakhe eyayisebenza kuye, wathi: “Khiphela phandle lo wesifazane, asuke kimi, uhluthulele emnyango emva kwakhe.”
18 Wayenengubo enemibala, ngokuba amadodakazi enkosi ayeyizintombi ayegqoka izingubo ezinjalo. Leyo nceku yayisimkhiphela phandle, yahluthulela emnyango emva kwakhe.
19 UTamari wayesezithela ngomlotha ekhanda, wayiklebhula ingubo yakhe enemibala owayeyigqokile, wathwala izandla ekhanda, wamuka, ehamba ekliwula.
20 U-Abisalomu umnewabo wathi kuye: “Umnewenu u-Amnoni kade enawe na? Thula, dadewethu; ungumnewenu, ungabeki inhliziyo yakho kule nto.” UTamari wahlala eyisikhwebu nje endlini ka-Abisalomu umnewabo.
21 Isizwile inkosi uDavide zonke lezo zinto yathukuthela kakhulu.
22 U-Abisalomu akakhulumanga okuhle noma okubi, ngokuba u-Abisalomu wamzonda u-Amnoni, lokhu emphoqile udadewabo uTamari.
23 Kwathi emva kweminyaka emibili epheleleyo u-Abisalomu wayenabagundi bezimvu eBali Hasori eliseduze no-Efrayimi; u-Abisalomu wamema onke amadodana enkosi.
24 U-Abisalomu waya enkosini, wathi: “Bheka, inceku yakho inabagundi; mayihambe inkosi nezinceku zayo nenceku yakho.”
25 Inkosi yathi ku-Abisalomu: “Qha, ndodana yami, masingahambi sonke, funa sikusinde.” Wayicindezela; nokho ayivumanga ukuhamba, kodwa yambusisa.
26 U-Abisalomu wayesethi: “Uma kunjalo, makahambe nathi umfowethu u-Amnoni.” Inkosi yathi: “Uyakuhambelani nawe na?”
27 U-Abisalomu wayicindezela, yaze yavuma ukuba u-Amnoni nawo onke amadodana ahambe naye.
28 U-Abisalomu wayala izinceku zakhe ngokuthi: “Bhekani, lapho inhliziyo ka-Amnoni ithokoza ngewayini nalapho ngithi kini: ‘Bulalani u-Amnoni,’ nimbulale ningesabi; angithi mina nginiyalile na? Yimani isibindi, nibe ngamaqhawe.”
29 Izinceku zika-Abisalomu zenza ku-Amnoni njengokuyala kuka-Abisalomu. Amadodana onke enkosi ayesesuka, yileyo naleyo yakhwela umnyuzi wayo, abaleka.
30 Kwathi besesendleleni, kwafika izwi kuDavide, lithi: “U-Abisalomu ubulele onke amadodana enkosi, akusalanga neyodwa yawo.”
31 Inkosi yayisisuka, yaklebhula izingubo zayo, yalala emhlabathini, nazo zonke izinceku zema lapho, izingubo zazo ziklebhukile.
32 UJonadaba indodana kaShimeya umfowabo kaDavide waphendula wathi: “Inkosi yami mayingathi babulele izinsizwa zonke, amadodana enkosi, lokhu ngu-Amnoni yedwa ofileyo; ngokuba lokho kwakunqunyiwe ngomlomo ka-Abisalomu kusukela kulolo suku aphoqa ngalo udadewabo uTamari.
33 Ngalokho inkosi yami, inkosi, mayingabeki le nto enhliziyweni yayo yokuthi onke amadodana enkosi afile, ngokuba ngu-Amnoni yedwa ofileyo.”
34 Kepha u-Abisalomu wabaleka. Insizwa elindayo yaphakamisa amehlo ayo, yabuka; bheka, kwaqhamuka abantu abaningi ngasendleleni yentaba emva kwayo.
35 UJonadaba wathi enkosini: “Bheka, amadodana enkosi ayeza; kunjalo njengokusho kwenceku yakho.”
36 Kwathi eseqedile ukukhuluma, bheka, afika amadodana enkosi, adazuluka, akhala; nenkosi nazo zonke izinceku zayo zakhala ngokukhala okukhulu kakhulu.
37 Kepha u-Abisalomu wabaleka, waya kuTalimayi indodana ka-Amihudi, inkosi yaseGeshuri. UDavide walilela indodana yakhe zonke izinsuku.
38 Wabaleka-ke u-Abisalomu, waya eGeshuri, wahlala khona iminyaka emithathu.
39 Inkosi uDavide yalangazelela ukuya ku-Abisalomu, ngokuba yayisiduduzekile ngo-Amnoni ibona ukuthi sewafa.