2 IziKronike

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36

0:00
0:00

-Reset+

Isahluko 22

1 Abakhileyo eJerusalema babeka u-Ahaziya indodana yakhe encane inkosi esikhundleni sakhe, ngokuba iviyo lababefike ekamu nabase-Arabiya lalibulele bonke abokuqala. Wayesebusa-ke u-Ahaziya indodana kaJehoramu inkosi yakwaJuda.
2 U-Ahaziya wayeneminyaka engamashumi amane nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa umnyaka eJerusalema; igama likanina lalingu-Athaliya indodakazi ka-Omri.
3 Naye wahamba ngezindlela zendlu ka-Ahabi, ngokuba unina wayengomeluleka ukwenza okubi.
4 Wenza okubi emehlweni kaJehova njengokwenza kwendlu ka-Ahabi, ngokuba bona babengabamelulekayo emva kokufa kukayise, kwaba ngukuchithwa kwakhe.
5 Futhi wahamba ngeziluleko zabo, lapho ehamba noJehoramu, indodana ka-Ahabi, inkosi yakwa-Israyeli, ukulwa noHazayeli inkosi yase-Aramu eRamoti Gileyadi; ama-Aramu amlimaza uJoramu.
6 Wabuyela ukwelashwa eJizreyeli ngenxa yamanxeba ayemlimaze wona eRama ekulweni kwakhe noHazayeli inkosi yase-Aramu. U-Azariya indodana kaJehoramu, inkosi yakwaJuda, wehla ukumbona uJehoramu indodana ka-Ahabi eJizreyeli, ngokuba wayegula.
7 Ukubhubha kuka-Ahaziya kwavela kuNkulunkulu ekuyeni kwakhe kuJoramu, ngokuba lapho esefikile khona waphuma noJehoramu ukulwa noJehu indodana kaNimishi, amgcobileyo uJehova ukuba anqume indlu ka-Ahabi.
8 Kwathi lapho uJehu ahlulela indlu ka-Ahabi, wafumanisa izikhulu zakwaJuda namadodana abafowabo baka-Ahaziya ababekhonza u-Ahaziya; wababulala.
9 Wamfuna u-Ahaziya, bambamba; wayecashile eSamariya bamletha kuJehu, bambulala; bammbela, ngokuba bathi: “Uyindodana kaJehoshafati owamfuna uJehova ngenhliziyo yakhe yonke.” Indlu ka-Ahaziya yayingasenamandla okuwugcina umbuso.
10 Kepha u-Athaliya, unina ka-Ahaziya, esebonile ukuthi indodana yakhe ifile wasuka wachitha yonke imbewu yobukhosi yendlu kaJuda.
11 Kodwa uJehoshabeyati, indodakazi yenkosi, wamthatha uJowashi indodana ka-Ahaziya, wameba phakathi kwamadodana enkosi abulawayo, wambeka nomzanyana wakhe ekamelweni lokulala. UJehoshabeyati, indodakazi yenkosi uJehoramu, umkaJehoyada umpristi — ngokuba wayengudadewabo ka-Ahaziya — wamfihla ebusweni buka-Athaliya, ukuze angambulali.
12 Wayenabo ethukusiwe endlini kaNkulunkulu iminyaka eyisithupha; u-Athaliya wabusa ezweni.